Mhlonishwa, kuyangithokozisa ukuthi uma ningena loludaba anikhulumanga nje ngokulamula lamadoda abanga imali kodwa nikhulume nangoshintsho. Ngicabanga ukuthi kungokokuqala-ke lo mthetho esawushaya ngonyaka odlule wokunika amandla ukuthi ungenelele ezindabeni ezinjengalezi, ukuthi ubuvivinywa. Umbuzo wami uthi-ke, Ngesikhathi seningena ezindabeni zoshintsho yingoba kunesivumelwano ekomitini lomnyango kazwelonke ukuthi ijubane loshintsho lihamba kancane. Noma lo Mthetho ukunikeza amandla aneleyo ukuba ungenelele futhi ezindabeni zoshintsho njengoba uMongameli we Cricket South Africa ethe kunezigidi eziyikhulu ku akhawunti ye Gauteng Cricket kodwa abayisebenzisile kwezentuthuko ukuthi ngabe lo Mthetho uyakunika yini amandla angaphezulu ukuba ungenelele kulezo zindaba? Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[Mr B W DHLAMINI: Hon Minister, I am glad that when you intervened in this matter to resolve the dispute between these two bodies who are quarrelling over money, you talked about transformation as well. I think this is the first time that the Act that we passed last year, which gives you the power to intervene in matters of this nature, including board reviews, has been implemented. My question is, when you touched the issue of transformation, was it because of the resolution passed by the portfolio committee which cited the slow pace in transformation or is it because this Act gives you enough power to intervene and effect transformation? The Chairperson of the South African Cricket Board said that there is one hundred million rands sitting in the Gauteng Cricket Board's account, which was meant for development and was not used. Does this Act give you power to intervene in those matters? I thank you.]