Ngiyabonga Somlomo, mhlonishwa Mongameli, kanye nabahlonishwa bonke. Engicela ukukubuza mhlonishwa Mongameli ukuthi: uthunywe lapha i-SADC ukuthi uyolamula ukuze uhulumeni wakwaBulawayo usebenze ngokubambisana kwizinhlangano zontathu.
Uma ke kuqhamuka umuntu ongaphansi kwakho, oyingane yakho esho okunye okubheke eceleni kunalokho okwenzayo. Okokuqala, kuyaye kufanele wenze njani njengomuntu omdala? Okwesibili, kufanele uthini kulaba abakuthumile futhi ubachazela uthini ngale nkinga ohlangabezana nayo yengane ephikisana nawe umdala uzama ukulamula abantu ekhaya na? [Uhleko.] UMOMGAMELI WERIPHABHULIKHI: Ngiyabonga kakhulu Somlomo, nelungu elihloniphekile lePhalamende ubab'uGatsheni, uBoya Benyathi, eqinisweni noma yinini uma ingane yakho kukhona ekwenzayo okuphuma eceleni, uyayikhuza.
Ingane ngiyikhuzile, ukuphendula ubuzo wokuqala.[Ihlombe.] Okwesibili akulona udaba lolu okulindelwe ukuthi luze lubikwe kwi-SADC. Baningi kabi abantu abakhulumayo ngodaba lwaseZimbabwe. Ukuba ngingaqoqa izinto ezishiwoyo eceleni ngithi ngiyozibeka lapha, ngiyethemba umbiko wami ungaba umqingo omkhulu kabi ngoba baningi abantu abakhulumayo ngodaba lwaseZimbabwe.
Okubabalukekile ukuthi ngiyokwethula umbiko kwi-SADC lowo oqondene ngqo nomsebenzi engiwenzayo. Asikafiki isikhathi sokuthi siyobika, sizobika bude budala njengoba sisebenza nje. Sibike ku-SADC ukuthi kuhamba kanjani. Umsebenzi uhamba kahle kakhulu kanti noma ingane ikhuziwe lokho akuzange kuphazamisane nomsebenzi esiwenzayo laphaya. Siyawuqhuba nje kahle, akunankinga nencane. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Thank you Speaker, hon President, and all hon members. What I would like to say to and ask the hon President is this: You are sent by SADC to go and mediate in order for the three parties in the Zimbabwean government to work together. What are you going to do if your subordinate undermines your authority by doing the opposite of what you are doing? Firstly, what should you do as a person in a position of power? Secondly, what should you say to those who have sent you, and what explanation are you going to give them regarding this problem that you have encountered with this subordinate who undermines your authority? [Laughter.]