Ngiyabonga, Somlomo. Mhlonishwa Mongameli, ngiyakuzwa ukuthi akufunakali sidonse abaseceleni kanye nabangapha. Uma laba abangaphakathi betholakala benecala - baboshwa nini, Mhlonishwa Mongameli? Ngaso sonke isikhathi kuba khona abantu abangayigcini kwalemithetho ekhona. Baboshwa nini labo bantu? Abanye babo yilabo obaqokele ezihlalweni, baboshwa nini uma kufanele ukuba baboshwe? [Uhleko.]
UMONGAMELI WEZWE LASENINGIZIMU AFRIKA: Lungu leSishayamthetho elihloniphekile, wazi kahle ukuthi umuntu oboshwayo ngumuntu otholakala enecala. Mhlawumbe ukuba uthe kimina: 'Nangu usibanibani unecala, watholakala impela ukuthi wonile'. Akaboshwa ngani? Njengoba ukhuluma uyafunisela, udukuza nje ebumnyameni. [Uhleko.] Ukudukuza ebumnyameni akubuyiseli kakhulu ngoba ungalokhu udukuzile nje ungafiki lapho uyakhona, ungaze uthinte isilwane uthi uthinta umuntu kanti yisilwane. [Uhleko.] Asingadukuzi ebumnyameni, siqondane ngqo nalabo abonileyo - ongonile. Uma nje ubungitshela ukuthi naba, ababoshiwe ngabe ngizwa kahle. Manje uma uthi: "Laba nje okuthi banje, ababoshwa ngani?". Angibazi ukuthi ngobani, lungu elihloniphekile. Somlomo ngiyabonga. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Thank you, Speaker. Hon President, I understand that you say that we need not drag along those people who are on the sides and those people who are inside here. If those who are inside are found guilty, when are they going to be arrested, hon President? There are people who never abide by the current laws. When are these people going to be arrested? Some of them are the people you have given high positions, but will they be arrested if a need for them to be arrested arises? [Laughter.]