I-DA ngesikhathi ikhankasa e-Ward 6 beyinika abantu amaphakethe okudla kanye nezikipa. Abantu bathe bafuna izikipa zikaKhongolose ngoba bayazi ukuthi uKhongolose ngumbutho wabantu. Ngakho-ke, i-DA mayingezi la ukuzokhohlisa umphakathi waseNingizimu Afrika ngokuthi ihlinzeka ngezidingo kanti yehlulwa yizindawo ezingaphansi komasipala baseNtshonalanga Kapa. Ngiyabonga. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu minister's response follows.)