UNGQONGQOSHE WEZABASEBENZI: Sekela Somlomo, umhlonishwa we-DA ohleli ngaphesheya uthe, "i-DA ihlinzekela bonke abantu." Ngiyafisa ukwazi ukuthi ngabe abantu baseMbekweni nabase-Mitchell's Plein bangakusho yini ukuthi i- DA iyahlinzeka ngezidingo la eNtshonalanga Kapa. Lokhu ngikusho ngoba ngoMgqibelo nangeSonto bengiseMbekweni ngaphinde ngaya nase-Sir Lowry's Pass, abantu bakhona bahlala emijondolo enethayo.