Ezinqumweni ezathathwa kwiSamithi kukhona isinqumo esithi uMnyango Wezenhlalakahle, iminyango yezemfundo zamabanga aphansi naphezulu kanjalo nomnyango obhekelela ezabesifazane kumele ziphume nomhlahlandlela ozolandelwa nguwona wonke umuntu eNingizimu Afrika wokugqugquzela wonke umuntu ukuthi aqonde ukuthi luyini udlame olubhekiswe kubantu besifazane kanti futhi kumele kuphinde kufundiswe ngamamalungelo kanjalo nenhlonipho abasifazane okumele banikezwe yona, kusukela emazingeni abantwana okubizwa ngokuthi "early childhood development". Ngiyabonga kakhulu