Speaker ...
... isikhulumi esihloniphekile, sesiyiphendule ngokwaso inkulumo. Enye yezinto edala ukuthi sithi akube khona ingxoxo yikho lokho - ukuthi kunezinto ezingamasiko ezenziwa abantu abathile, kanti kukhona abathile abazibukela phansi nabacabanga ukuthi uma uzenza usuke ukhohlakele. Kodwa ube ungakhohlakele ngokosiko lwakini. Yikho phela lokhu engikushoyo ukuthi asiyivuleni le ngxoxo ixoxwe le ndaba. Kufanele ukuthi abantu baphefumule basho ukuthi bathini ngalolu daba. Lokhu sikwenzela ukuthi kulungiswe izinto.
Ingabe siyokuhlonipha nini ukuthi uMthethosisekelo wethu uthi siyisizwe esibumbene kodwa esinamasiko nezinto zethu esizenzayo eziyimikhuba yethu ezahlukahlukene? Ngoba sifuna kuhlonishwe okunye, okunye kungahlonishwa.
Le ngxoxo-ke engithi ayibe khona phakathi kwesizwe, ayiveze lezo zinto. Bezwakale abakwaDlamini ukuthi eyabo imikhuba ithini, nokuthi iyahlonishwa yini? Uma ngabe ingahlonishwa, kungani ingahlonishwa? Kungani kuhlonishwa eyakwaSwart? Uyayibona into enjalo nje. Kungani kuhlonishwa eyakwaSingh? Usukhulumile Sibalukhulu, ngikuzwa kahle, ngena engxoxweni zivele lezi zinto. Ngiyabonga Somlomo. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[... the hon speaker has already responded to the debate. That is another factor which is the reason for our call to have this moral regeneration debate - that there are some things which are practised as common customs by people, whilst there are other people who look down upon them and think that they are immoral when they perform these customs, even though they would not be regarded as being immoral in their own culture. That is why I am saying we should open this debate and discuss this issue. People need to air their views about this issue. We are doing this to correct issues.
When will we respect the fact that our Constitution states that we are a nation united in diversity, with diverse cultures and customs that are performed differently? I am saying this because we want some people's cultures and customs to be respected, but not those of others.
The debate I want the nation to engage in should then highlight such issues. Let us hear the Dlaminis tell us about their customs and whether those customs are respected. And if not, why are they not respected? Why do we respect the Swarts' cultures and customs? You see such things. Why do we respect the Singhs' cultures and customs? You have said a mouthful, Sibalukhulu, I get you. Get into the debate and highlight these issues. Thank you, hon Speaker.]