Phini likaSomlomo, Mongameli waseRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika Mnu Zuma, iPhini lakho ubaba uMotlanthe, abaholi bezombusazwe namaqembu akhona ezombusazwe ... [Deputy Speaker, President of the Republic of South Africa Mr Zuma, your Deputy hon Motlanthe, leaders of political parties and political parties that are present ...]
... I am very sorry, I do not intend to offend anybody by using my mother tongue - Queen Msweli's language.
Ngimi phambi kwenu njengesakhamuzi esiziqhenyayo ngobuzwe baso base Ningizimu Afrika. Izwe lase Ningizimu Afrika lizuze okukhulu ukuhlonishwa emazweni omhlaba ngokubamba i-Fifa World Cup ebeliyibambile ngenyanga edlule.
Lokho Msholozi kusenze saba nokuziqhenya njengezakhamizi zaleli izwe, ukuba sikwazi ukuphumelela. Ngibonge izinhlaka zokuphepha kuleli lizwe ngoba zisebenze ngokukhulu ukuzimisela ukuba zinqande izigebengu. Ngibonga namaqembu ezombusazwe ukuthi leli lima enanilenza la nihalalisela ukubanjwa kwe-Fifa World Cup. Ngakho-ke ngifisa-ke ukuthi abantu bakaCetshwayo nabo bazuze ukusimamisa izinhlelo zentuthuko kubantu, nenze njengoba nenza nihlanganiswe i-Fifa World Cup.
Akukho okunye esingakunqoba kuleli lizwe ngaphandle kokuthi sihlangane njengezakhamuzi zalapha, sime ndawonye senze konke okungenzeka. Ngiyalihalalisela iqembu lethu leBafana Bafana ngoba akekho owayecabanga ukuthi lingase lidlale kahle neMexico, liphinde libhaxabule nezwe laseFrance ngaloluya hlobo okwenzeka ngayo. Ngibuye futhi ngihalalisele iqembu leBafana Bafana ukuthi kuleli sonto esiphuma kulo ligile izimanga, lashaya iqembu laseGhana.
Kusho ukuthi ngempela leli lizwe lethu limile njengezwe okufanele ukuthi thina sizimisele ngalo. Mina njengendodana yasebukhosini bakwaZulu, ngiyanicela ningosombusazwe ukuthi sebenzani noma asisebenzeni ngokubambisana ukuze izwe lakithi liphumelele. Ngiyabonga. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[I stand before you as a citizen who is proud of his South African nationality. South Africa as a country has received a great deal of respect internationally from hosting the Fifa World Cup, which was held last month.
Msholozi made us proud citizens of this country, because we have succeeded in hosting this event. I would like to thank the security structures in this country, as they have worked with great enthusiasm in capturing criminals. I also thank the political parties for co-operating with one another when the hosting of the Fifa World Cup was celebrated. I wish King Cetshwayo's subjects could also benefit from the development programmes in the communities. Therefore, I urge you to work together like you did when you were united by the Fifa World Cup.
We can conquer nothing in this country unless we are united as citizens, and stand together and do whatever we can to take us through. I congratulate our national team, Bafana Bafana, because no one thought that they could play so well against Mexico, as well as crush a team like the French national team the way they did. Again, I want to congratulate the same Bafana Bafana team, as they performed miracles last week when they defeated the Ghana national team.
This means that this country of ours indeed stands out as a country and that we as citizens should be committed to it. I, as the son of the Zulu royal house, request you as politicians to work; we need to work together so that our country can succeed. Thank you. [Applause.]]