Ngiyabonga Sihlalo, mhlonishwa sivumelene siyikomidi ukuthi izinkontileka zokuphekela iziboshwa ziyaphela ekupheleni konyaka. Manje la enginengqinamba khona, la umhlonishwa engafuni ukuphumela khona obala athi qekelele, ukuthi njengoba sivumelene sekusele izinyanga ezintathu kuphele unyaka, sekukuphi ngempela manje? Ngibuza ngoba uzokhumbula ukuthi le nkontileka ike yangenwa umkhono nesiphanga la kungafanele khona. Sayibona isingaphakathi isidla imali kahulumeni, singazange sivumelane. Kulokhu-ke, umhlonishwa ingabe ubiye kahle yini ukuze kwenzeke ukuthi le nkontileka ingene ngesango elifanele?
UNGQONGQOSHE WEZOKUHLUNYELELISWA KWEZIMILO: Ngiyabonga lungu elihloniphekile, empeleni kumele kube nemibiko ... (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Thank you, Chairperson. Hon member, as the committee, we agreed that the contracts for catering services for inmates are going to be terminated at the end of the year. Now the problem is that the hon member does not want to come clean. Since we are only left with three months before the year ends since the agreement was reached, where exactly is the process now? I am asking because if you can recall, this contract benefited where it was not supposed to. We just saw it providing services and receiving government funds, without having reached an agreement.
This time around, did the hon member secure everything so that this contract can follow proper and correct procedures?