Sihlalo ohloniphekile, kuSekela Mongameli, inkinga yabantu abaphethe amandla, abadlala ngawo, umdlavuza ohlasele zonke izindlela zokubusa emhlabeni. Yingakho njengamanje sikhuluma nje uNdunankulu waseNtaliyane u-Berlusconi utholakale enecala enkantolo; kusasa ubaba uBo Xilai owayeyimeya nonobhala wenhlangano yezepolitiki e-Chongqing naye uya enkantolo ngenxa yendaba yokuthi weqa imingcele yokuphatha kwakhe; kanjalo nalaphaya eKenya izakhamizi zalwa zamasha, zilwela ukuthi abaphathi noma abamele umphakathi baziholela amaholo kakhulu futhi banemihlomulo eminingi kakhulu.
Thina siyathokozo kakhulu lapha eNingizimu Afrika ukuthi sinabo-Chapter 9 institutions lapho uMvikeli woMphakathi ekwazi ukukhuluma nabaphathi enze neziphakamiso uma izinto zingahambi kahle. Siyathokoza ukuthi umbuso we-ANC uyazithobela zonke iziphakamiso ezivela kuma-Chapter 9 institutions. Yingakho njengoba sikhuluma nje sibona wona umbuso uzoshintsha i-Executive Members Code of Ethics kodwa into engizwisa ubuhlungu ukuthi amaLungu aleli Phalamende akhomba ukuthi abaphathi ukuthi ... [Kwaphela isikhathi.] [Ubuwelewele.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr B A RADEBE: Hon Chairperson, Deputy President, the problem with the people in power, those who abuse it, is a common problem in all management areas in the world. That is why, as we speak, Premier Berlusconi in Italy has been found guilty by a court of law; tomorrow Mr Bo Xilai, the former mayor and secretary to the political party at Chongqing is also going to appear before a court for overstepping boundaries whilst he was in power; and in Kenya the community fought and marched against high salaries and the many benefits given to administrators and public representatives.
We are very glad that here, in South Africa, we have Chapter 9 institutions in respect of which the Public Protector is able to speak to the leaders and to make recommendations when things are not going well. We are glad that the ANC government adheres to the recommendations made by these Chapter 9 institutions. That is why, as we speak, we see the state reviewing the Executive Members' Code of Ethics, but what worries me is that the members of this Parliament says that leaders...[Time expired.] [Interjections.]]