SekunesiVumelwano soHlaka lweziNgxoxo zamaHolo esizoyilandela esayindwe yizinyunyana kanye nabaqashi. Okwesihlanu, kunesiVumelwano SoBambiswano ngeziNgxoxo zamaHolo, phecelezi i-Agreement on Central Collective Bargaining, okwavunyelwana ngaso phakathi kwezinkampani zePlatinum kanye nezinyunyana okufaka phakathi i-Amcu ngonyaka owedlule. I-Amcu yase icela ukuba ivunyelwe ukubamba izingxoxo nezinkampani ezintathu. Yingakho kube naleso sivumelwano. Ngicabanga ukuthi ilungu elihloniphekile akufuneki lintaze nencwadi yemiThetho ngoba nami ngiyayazi imiThetho yale Ndlu. Ngiyabonga Sekela Somlomo. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)