Okokuqala, mangiphendule ilungu elihloniphekile u-Ollis ngithi abasebenzi banelungelo lokuteleka. Kufanele afunde isigaba 26(2) soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika kanye nesigaba 36(2) esinikeza abasebenzi ilungelo lokuthi bateleke uma bengavumelananga nabaqashi. Okwesibili, kunoMthetho Wobudlelwano Babasebenzi lapha eNingizimu Afrika okunguwona osiza abasebenzi uma bexoxisana nabaqashi kufanele baxoxisane kanjani. Ngakho-ke njengoba i-DA isho ukuthi ivikela uMthethosisekelo kufuneka iwuhloniphe uMthethosisekelo kanye namaLungelo oMthethosivivinywa. Okwesithathu ... (Translation of isiZulu paragraphs follows.)