Hon Chairperson, hon Ministers, hon members, our guests in the gallery ...
... ngaphambi kokuba kuyiwe okhethweni bekunamaqembu aphikisayo abelokhu engcolisa igama likaMongameli uZuma kodwa ebe ebhekise ngqo ku-ANC. I-ANC ibilokhu iqophe eqolo kuhle okonwabu luphokophele phambili; ayizange ikugqize qakala lokho. Kwazise phela ukuthi abadala bayasho ukuthi ichalaha lesimaku sikamesisi siyayigijimisa futhi siyayikhonkotha imoto egijimayo emgaqweni. Kodwa-ke uma leyo moto ima isimaku sikamesisi siyayekela singabesisakhonkotha kodwa sichamela amasondo aleyo moto. [Uhleko.] Lokho kusobala kuhle kwezinqe zeselesele ukuthi uKhongolose nguye kuphela ogijimayo osebenzayo nokwazi ukuguqula izimpilo zabantu bonke bakule ngabadi, ngisho nakubantu baseNtshonalanga Kapa imbala nabo bayahlomula emvuzweni wezithelo zikaKhongolose. Noma kunjalo-ke kodwa izimfamona zilokhu zimgxeka nhlangothi zonke.
Baphume bonke abantu baseNingizimu ngosuku lokhetho kuhle kukaZulu eya eMakheni ukuyovotela uKhongolose. Ihlaya elikhulu ukuthi yize noma onkabi babesimbathekisa i-ANC bezama ngazo zonke izindlela ukuheha abavoti. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[... before elections some opposition parties made it their mission to ruin the reputation of President Zuma and that of the ANC. The ANC just carried on as usual and pretended not to notice what was happening. It is true that a dog will always bark at a moving car but when it stops, the dog stops barking and urinates on its wheels instead. [Laughter.] It is obvious that the ANC is the only party that is working hard to change people's lives in this country. Even residents of the Western Cape benefit from the efforts of the ANC. The jealous parties though continue to criticise it despite all of what it has achieved.
The South African public came out in numbers to vote for the ANC on the voting day. This was despite the fact that opposition parties were working against the ANC and trying to lure voters to vote for them.]
The worst part is that there are parties that are politically bankrupt ...
... aphenduke amaqola kwezepolitiki azama nokweba uMongameli uMandela, i- Freedom Charter, imibala kanye nezingoma ze-ANC. I-DA zolo lokhu ibikade ihamba izinkantolo imangalela i-ANC ngezingoma zayo kodwa-ke okushaqisayo ukuthi uma ziculwa yibona akulona icala. Abantu akufuneki bakhohlwe ukuthi amaculo ka-ANC anomlando nokuthi aculwa nini futhi uma kwenzenjani. Iningi lalawo maqembu abelokhu eninda ukhongolose ngodaka kule Ndlu yesiShayamthetho asephenduke umgodi onganukwanja amanye asenciphile. Amanye awo aphelele obala kuhle kwezithukuthuku zenja ngoba amalungu awo awalaxaze phansi kuhle kwamafinyila. Ngisho nakuwo amaqembu aphikisayo akhona kule Ndlu ngokhetho abuye nenduku yombangandlala, elambatha. Ziwe izihlathi zathi dedelele ... (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[... they have turned into political thieves and tried to steal President Mandela, the Freedom Charter and the colours and songs of the ANC. The DA recently took the ANC to court complaining about some of the ANC's songs but what we do not understand is that when they are the ones singing the songs they see nothing wrong with it. The public must never forget that the songs of the ANC have a history and they are sung at special occasions. Most of the parties that criticised the ANC have now lost popularity and their party membership has shrunk considerably. Some of them are dissolving because their members have abandoned them. Opposition parties present in this House were hopelessly defeated and disappointed ...]