Ngibingelela uSihlalo ohloniphekile, uNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, nabo bonke abahlonishwa esinabo lapha. Ngizocela ukungaphazanyiswa ngoba nami angikuthandi ukuphazamisa omunye umuntu.
Njenge-EFF ngeke impela ngisho ukuthi siyahambisana nalesi Sabiwomali ngoba abantu esijutshwe yibo abanawo nhlobo nje amanzi, izindlu zangasese; ngisho nabasemalokishini, amamitha amanzi abebenawo asiphuliwe bashiywa bengenamanzi, akucatshangwa nokuthi baphuza amaphilisi noma kunabantu abagulayo abadinga ukunakekelwa emakhaya abo.
Sinezikweletu esingazazi ezibiza izinkulungwane zamarandi ezingama-200, umuntu athi uma ecabanga angazi ukuthi yisikweletu muke kanjani! Siphinde sisho nokuthi laba bantu bamathenda abafika bezosebenza bethi basifakela izitamukoko - lapha ezindaweni zethu ikakhulukazi thina bantu abamnyama - sinenkinga ngoba basilethela abantu obonayo ukuthi abawazi umsebenzi, bashiya bengawuqedile umsebenzi kodwa umasipala angakwazi ukuthi ngeke abanikeze imali yabo ngoba umsebenzi awuphothuliwe. Angazi noma baye balandelelwe yini kubonakale ukuthi umsebenzi bawenza kanjani.
Uma ngibuyela la kulento yamanzi, eBhizana, eMpumalanga Koloni, abantu bakhona amanzi ahlanzekile abanawo nhlobo, bawezwa ngendaba, bawakha eziphethwini - sithi yiziphethu-ke thina, angazi abanye bakubiza ngani - bawakha khona bawathwale eamakhanda, kunjalo nje bawaphuza nezilwane! Okwezindlu zangasese-ke khona bakuzwa ngendaba, indle bayilahla ezintabeni.
EGiyani, nakhona banenkinga efanayo ... [Ubuwelewele.] Hhayi-ke phela ngicela ungangiphazamisi! [Uhleko.] OThongathi, e-Fraser, abantu bakhona abanamanzi, akukho ngisho izindlu zangasese. Uma ngingake ngikuthathe nje mhlonishwa ngithi asiye khona, ungafike ubone ukuthi la ngempela asidlali, futhi mina le nto engiyikhulumayo ngikhuluma ngezindawo engizaziyo neningingakuthatha ngiyokubeka kuzona. Ku-Wadi 19 nakuWadi 9, eNdwedwe, into nje ebizwa ngentuthuko ayaziwa! Amanzi bawaphuza nezimbongolo, awekho nhlobo nhlobo amanzi ahlanzekile. [Ubuwelewele.] Ngifuna silalelane kahle, futhi ningangiphazamisi. [Uhleko.]
Uma ngidlula ngiya KwaMaphumulo, eSthuntu naseMakhabeleni, nezinye izindawo zaKwaMaphumulo, amanzi ahlanzekile nje awaziwa, futhi-ke abantu basemakhaya abacatshangwa nakucatshangwa nje, kuyiwa kubona ngoba kuyogaywa ivoti emva kwalokho bashiywe kanjalo, ngisho namakhansela! Baphuza amanzi angcolile, njengoMvoti nje; eMvoti uma lina izulu amanzi ayangcola kodwa bawaphuza khona enjalo ngoba abanakwe muntu. Uma ngidlula lapho ngiya kuMasipala waseMbombela ... [Ubuwelewele.] ... Hhayi! Animeni! Ngangizibukela lokhu kumabonakude, abantu bakhona baphuza amanzi ayisiphethu, alethwa yipayipi enuka phu! Noma uwabheka la manzi awuwazi ukuthi athathwephi. Le nto ikhishwa kumabonakude ibonwe yiNingizimu Afrika yonke, akekho ongayiboni! [Ubuwelewele.] Hhayi wena ujwayele ukuphazamisa, uxolo! [Uhleko.]
Thina njenge-EFF asizimisele ukubona abantu baseNingizimu Afrika beshiywa ngemuva kodwa kulokhu kuthiwa asigubheni le minyaka engama-20 yenkululeko, kodwa kule ntuthuko yabo behlulwa nje ukuletha amanzi, into eyisidingo esiyisisekelo.
Okunye okubuhlungu esikubona kwenzeka, yindaba yala mathenda! La mathenda lawa into yiwona ahamba phambili. Akanakwa, akalawulwa. Nanokuthi uhulumeni yena akukho la eveza khona ukuthi yena umi kuphi odabeni lokuthi umsebenzi azenzele yena ukuze kudaleke amathuba emisebenzi ngoba kula mathenda kuhlomula abantu abambalwa abantu basale bengenawo umsebenzi.
Ngaleyo ndlela-ke mina bengiyocela ukuthi uma silapha, sazi ukuthi yini edingwa abantu. Lezi zindawo engikhuluma ngazo, ngingakuyisa nakuzo; akuwona umdlalo, asidlali njengoba silapha. Engingakujabulela kakhulu ukuthi sicele yena nje uNgqongqoshe sike sihambe naye ngoMgqibelo ... [Uhleko.] ... ngimnikeze nje ibhakede lamanzi, abone ukuthi kubuhlungu kanjani emakhaya, awukwazi ukutshala ... [Kwaphela isikhathi.] [Ihlombe.] (Translation of isiZulu speech follows.)
[Ms M S KHAWULA: Hon Chairperson, Minister of Water and Sanitation, and all hon members present today, I greet you all. I request that I should not be interrupted because I also do not interrupt others. As the EFF, we cannot say that we support this Budget Vote, because the people who mandated us do not have water or toilets. Even as far as those in the townships are concerned, the water meters they had were removed and they were left without water. No consideration is given to the fact that people need water for their medication or that there are sick people who have to be taken care of in their homes.
We have debts amounting to R200 000 but we do not know what they are for. When one thinks about these debts, one cannot comprehend what these are for! We must also mention the issue of these tender people who come to put up septic tanks in our areas, especially in the black communities. We have a problem because they bring us people who do not know how to do the work, and they leave having not completed the work. The municipality cannot say that they will not pay them as a result of incomplete work. I do not know if they are being monitored to check how they did the work.
Now, let me go back to the issue of water. In Bhizana, in the Eastern Cape, people do not have clean water at all; it is just a pipe dream. They fetch water from springs - we call them springs; I do not know what others call them - and carry it on their heads. They share the source of water with animals! Toilets are also a pipe dream; they relieve themselves in the wilderness.
In Giyani, there is a similar problem ... [Interjections.] Please, do not interrupt me! [Laughter.] In Tongaat, at Fraser, people do not have water, and there are also no toilets. If I were to take you there, hon member, you would see that this is serious, and I know these areas that I am talking about - I can personally take you to these areas. In Ward 19 and Ward 9 at Ndwedwe, development is something that is not known! They share drinking water with donkeys; there is no clean water at all. [Interjections.] I want us to listen to each other carefully, and please do not interrupt me. [Laughter.]
Moving on to KwaMaphumulo, in Sthuntu and Makhabeleni, and other areas in KwaMaphumulo - they do not have clean water at all. People from the rural areas are not considered at all; they are only consulted during campaigns for votes, and after that they are forgotten, even by the councillors! They drink polluted water, like in Mvoti; when it rains the water at Mvoti is polluted but people drink it because no one cares about them.
Moving on to Mbombela Municipality ... [Interjections.] Please keep quiet! I saw this on television; people there drink stinking water from the ground, drawn by a pipe! Even when you look at this water you do not know where it was drawn from. This was broadcast on television and was seen by the whole of South Africa; everyone saw it! [Interjections.] No, you are always interrupting; please! [Laughter.]
As the EFF, we are not prepared to see South Africans left behind when it is always emphasised that we must celebrate 20 years of democracy. But though there is development, they are failing to provide just water, which is a basic need.
Another agonising issue that we see happening, is this issue of these tenders! The thing is, these tenders are a priority. They are paid no attention and are not monitored. Government is not clear about where it stands regarding doing the work themselves in order to create job opportunities, because only a few benefit from these tenders and people are left without jobs.
In that way I would request that when we are here, we must know what people need. I can take you to the areas that I mentioned earlier; this is serious, we should not be playing games. It would please me if we were to ask the Minister and go with her on Saturday ... [Laughter.] ... and if I handed her a bucket of water so that she could see how people are suffering in the rural areas. You cannot plant ... [Time expired.] [Applause.]]