Sihlalo ohloniphekileyo, abahlonishwa, oNgqongqoshe abakhona phakathi kwethu neNdlu yonke, akukuningi engizokusho mayelana nePhalamende elalihleli eNyakatho neKapa (Northern Cape). Okuningi sebekubalulile ozakwethu abakhulumile enginabo lapho.
Okokuqala, okwagxila enhlizweni yami ukubona imitholampilo engakwazi ukusebenza ebusuku endaweni ekude nedolobha - emakhaya impela. Umuntu ogula ebusuku isigubhukane usizakala kanjani? Olunywe yinyoka odinga usizo wenze njani? Imitholampilo enosizo oluphelele isebenza amahora angamashumi amabili nane. Siyacela kuNgqongqoshe Wezempilo asibhekisise lesi simo ngoba asisishle neze, simuncu.
Okwesibili, engakuphawulayo ukusweleka kwezinto zokuhamba. Konke lokhu kwenza lesi simo engiqeda ukusibala nje sibe sibi kunakuqala. Okwesithathu, abantwana besikole bahamba amabanga amade ukuya esikoleni. Umphakathi wakhala ngalesi simo esikhona-ke kuzo zonke izindawo ezisemakhaya. Siyahlupheka thina esihlala emakhaya.
Okuhle engakubona kwagxila enhlizweni yami ukubona umphakathi ubhidlangile usebenza, ugandaya imigwaqo ngalolu hlelo oludume ngokuthi phecelezi (Expanded Public Works Programme). Hhawu, luhle lolu hlelo ngokusiza imiphakathi lubuye lusize abantu ukuthola umsebenzi. Sengathi nasemakhaya lapho imigwaqo yakhona inemihholo nje kube lukhuni nokuhamba kuleyo ndawo uhlelo esengilushilo lungasetshenziswa.
Isimo asisihle neze emigwaqeni yasemakhaya kuyo yonke indawo. Indawo yomile futhi namanzi awekho emakhaya. Amanzi ayisidingo esibalulekile kakhulu empilweni yomuntu. Sincoma imayini eyakhiwe endaweni ekhuphula izinga lomnotho kanti futhi iletha amathuba emisebenzi. Siphinde sincome ngendlela izimbuzi ezifuywa ngayo. Sithi phambili Ndunankulu! Sikushayela ihlombe ntombazane. Sithi phambili ngokufuywa kwezimbuzi!
Okukugcina Ngqongqoshe, thina siyi-IFP sithi phambili ngokusebenza ngokubambisana komphakathi wase-Northern Cape, phambili. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu speech follows.)
[Mrs J N VILAKAZI: Hon Chairperson and hon members, Ministers present and the House at large, there is not much I am going to say regarding the sitting of Parliament that took place in the Northern Cape. Most of the issues have been covered by my colleagues who spoke before me.
The primary issue that concerned me most was to see the clinics that could not operate at night in rural areas far from the city. How does a person who suddenly gets sick during the night get help? What happens to a person who gets bitten by a snake and requires immediate help? Clinics with comprehensive medical resources operate only for 24 hours. We appeal to the Minister to give attention to this situation because it is unpleasant.
Secondly, I took serious note of the problem of transport. This makes the situation I spoke about earlier on even worse than before. Thirdly, school children walk long distances to schools. The community complained about this situation in almost all the rural areas. We are suffering in the rural areas.
On a positive note, I was pleased to see people working on road construction through the programme called the "Expanded Public Works Programme". I commend this very effective programme that helps communities and people to secure jobs. I hope that this programme I just mentioned will be implemented in rural areas as well, where roads have severe cracks and potholes. The condition of roads in the rural areas is just not conducive to safe driving.
Another issue is drought in the rural areas. It is absolutely dry and there is no water there. Water is a basic human need. We commend the utilisation of the local mine, which increases the economy and job opportunities. We also commend the way in which goats are stocked and bred. Continue with the good work, Premier. We applaud you, girl. We are saying that the work of stocking and breeding goats must be carried forward.
In conclusion, Minister, we, as the IFP, are saying that working together with the community of the Northern Cape Province is the way to go. Thank you.]