Sihlalo, igama lami nginguVelaphi wakwaNdlovu. Sihlalo, neNdlu eHloniphekile, cha, umthetho lo esingeke siwusekele, ngalezi zizathu: Okokuqala, sasho sathi kunesidingo sokuthi kufuneka sibenze bakwazi ukusebenza, hayi i-Hollywood style kodwa singabaqedi. Okwesibili, siyazi ukuthi kwenzelwani lokhu okwenziwayo. Ngakusho nangaleliya langa sivota sivotela wona lo Mthethosivivinywa, ukuthi noma singathini thina maqembu aphikisayo, uma sebenqumile osibanibani, kusuke sebenqumile. Ukuthi banquma kuphi, kusuke sebenqumile ... unganikini ikhanda Mhlonishwa ngoba ngizosuke ngikubize ngegama lapha.
Ngakho-ke uma sebekwenzile lokho, kusuke sebekwenzile lokho. Okwesithathu, kuyinkinga kakhulu kabi ukuthi sithi: into esebenzayo ayisebenzi siyibulale nokuthi siyilungise. Kufana nokuzala ingane ekhaya uyikhululise, uma ingalungile uyakhuluma nayo, uhlale nayo phansi ukwazi ukuyiyala yenze umsebenzi wayo ngokufanelekile. Kepha awuthi ngoba nakhu akuyona eyakho noma mhlawumbe awunandaba nayo obese ubeka ikhanda ngale bese uyinqamula intamo. Ngakho-ke asikwazi ukukwenza lokho, ngeke siwamukele lomthetho noma ningangibhekisa phansi ngekhanda. Ngeke kwenzeke lokho. (Translation of isiZulu speech follows.)
[Mr V B NDLOVU (IFP): Chairperson, my name is Velaphi Ndlovu. Chairperson, and this august House, we will never vote in favour of this Bill because of the following reasons: Firstly, we said that we need to employ people who know how to execute their duties, and not the ones who use Hollywood style. Secondly, we know why things are run in this fashion. I did mention even on the day we were voting on this Bill that, whatever we say as opposition parties does not matter; when the ruling party has decided upon something, no correspondence can be entered into. It does matter what they have decided upon, the fact that they have made their decision stands... do not shake your head hon member, because I will call you by name.
Therefore, once they do something it cannot be changed. Thirdly, it is a major problem for us to say that we rule out something, saying that it is not working when we have not tried to correct it. This is like bringing a child into this world; if the child is misbehaving you talk and offer guidance to it so that it can behave as expected. You do not behead a child because it is not yours or because you do not care about it. Likewise we cannot do that here, hence we vote against this Bill. You can point at me with your heads. It will never be passed.]