UNGQONGQOSHE WEZABASEBENZI: Somlomo ngicela ukuphendula imibuzo emithathu. Owokuqala uphakanyiswe ngumhlonishwa u-Van der Merwe we-IFP. Uthe zonke izikole KwaZulu-Natali zakhiwa yi-IFP. Ngebhadi noma ngenhlanhla mina ngizalwa KwaZulu-Natali. Ngesikhathi ngisafunda abazali babephoqwa ukukhokhela isikhwama sokwakha. Bakha izitini kanye nezikole ngaphandle ngokukhokhelwa. (Translation of isiZulu paragraph follows.)