Asibonge kakhulu, Sihlalo, sibonge kakhulu, Ngqongqoshe, engicela mina ukukubheka mina Ngqongqoshe ukuthi umonakalo kwezokuthutha naku-Passenger Rail Agency of South Africa, Prasa, ulokho waqala kusekhona u-Lucky Montana kwasuka lapho kwaba u-Popo Molefe. Kuze kube yimanje akukho noyedwa umuntu oboshwayo kuloko umonakalo waqala kuse kube namhlanje. Manje-ke, engicela ukukubuza ukuthi, bakhona yini abantu abasebeboshiwe njengoba umonakalo ungaka nje kwa-Prasa? Uma bengekho, kungani bengekabikho? Uma bekhona, bangaki? Nanokuthi-ke uma bephenywa, sebephenywe kwafika kuphi? Ngiyathokoza.
IsiXhosa: