Okunye nje okuncane ngisababonga aMalungu ePhalamende akhulumile, kuyathanda futhi ukuwukhathaza umoya uma uzwa ilungu elihloniphekile uShariff ekhuluma ngokuthi uhulumeni ayikho into aseyenzile. Kubanzima ukukuthola ukuthi kuyipolitiki noma ukungatholi kahle izinto ukuthi imihla ngemihla senzani.