Sihlalo, kulaba abangasazi isiZulu bangabe befaka izinto zabo ngoba ngizokhuluma sona. I-EFF ayisiseki, izizathu yilezi, ukuthi uHulumeni awukwazi ukulandela izimali ukuthi zishona ngalaphi. Izinhlelo azikwazi ukusiza abantu besifazane ikakhulukazi abantu besifazane abasemakhaya.
Lo Hulumeni awukwazi ukuthi ulandelele ukuthi izinhlelo lezi ezincane ezisuke zikhona akwazi ukuthi aziseke aphinde akwazi uukwaqapha ngawokhozi ukuthi asahamba ngendlela. Ngakhoke, ngalokho, i-EFF ayisiseki.