Umongameli wethu enkulumeni yakhe ayibhekise esizweni ubalule izinto eziningi ezisithintayo njengomphakathi kanye nabantu abakhubazekile okubalwa kukho lokhu okulandelayo; Imfundo nokubaluleka kwayo, nokuthi uHulumeni awuholayo uzimisele kangakanani ukuthi wenyuse izinga lezemfundo, ezobuchwepheshe kanye nokwandisa isibalo sabafundi ezikoleni. Siyazi ukuthi kulesi sikhathi abazali babantwana abakhubazekile bakhathazekile ngabantwana abahleli emakhaya bengafundi