Sihlalo, egameni le-IFP, ngiphakamisa:
Ukuthi -
1) leNdlu yedlulise ukukhathazeka kanye nokudabuka emndenini womfana omncane uNtando Nzuza odlule emhlabeni ngenxa yokuminza emfuleni wase- Verulam;
2) umzimba wakhe utholakale ngase ndaweni ehlanza amanzi;
3) siqaphela nokuthi umngane wakhe obone lesehlakalo ushilo ukuthi umufi ubezama ukubhukuda ewelela ngaphesheya endaweni lapho bekunenkundla yokudlala;
4) siphinde futhi siqaphele ukuthi izehlakalo ezinjengalezi zikhombisa ibanga elide okufanele silihambe njengohulumeni ekuqinisekiseni ukuphepha kwezingane zethu nokuthi izindawo