Mhlonishwa Sekela Somlomo namalunga ahloniphekile aleNdlu, nezihambeli zayo, kanye
nabobonke abantu bakuleli laseMzansi Afrika, Siyanibingelela.
Kulesisikhathi esinzima esibhekene naso sezinkinga ngokulethwa kukagesi [load shedding] yinkampani kahulumeni u-Eskom. Sicela ukuthi sonke njengezakhamuzi zalelizwe sibheke ukuthi lesi simo sisilungisa kanjani ngokubambisana.
Singamalunga ezinhlangano ezahlukene zezepolitiki, ezenkolo zonke,izinhlangano zophakathi, ezamabhizinisi, noma ngabe sihlala emadolobheni amakhulu noma namancane, ezindaweni zasekhaya, emaflethini, emalokishini emahostela imbala kanye nasezakhiweni. Ukuphakwa kukagesi akukhethi bala lamuntu, ngakhoke sonke siyathinteka futhi yingako kufanelekile sazi ukuthi ugesi olethwa emakhaya ethu, emabhizinisini, kwizimboni, emasontweni, ezikoleni, emahovisini konke lokhu kwenziwa ngemali. Lemali kufanele yenze nomsebenzi wokugcina izindawo eziphehla ugesi zikwazi ukusebenza ngendlela eyiyo zisimamiswe(Maintenance). Uma ugesu ungakhokhelwa ukulethwa kwezidingonqangi zethu ngeke kuqhubeke kahle,
ngoba phela yonke imisebenzi yokwethulwa kwezidingonqangi idinga imali.
Sicela bonke abantu bakithi abanezikweletu zikagesi basabele kwikhwelo likaMengameIi uRamaphosa likaThuma Mina,ngakho ke sithi thuma mina ngokukhokhela ugesi.. Amakhasimende asindwa ukukhokhela ugesi weMeter siyawakhuthaza ukuthi ashintshele kugesi wekhadi ngoba wona uwusebenzisa ngendlela ekalwe nguwena mthengi, futhi uwuthenga ngokwamandla onawo.
Lolu hlelo ngoluka wonke wonke, alukhethi ngezinga noma ngemiholo yabantu. Ngingasho nje ukuthi ngisho noSotswebhu Omkhulu walendlu umhlonishwa Jackson Mthembu naye washintshela kugesi wekhadi futhi maningi amalunga alendlu nawo asebenzisa wona logesi wekhadi,
Lokhu akuyi ngokuthi uhlalaphi, ngoba ngisho nabahlala ezindaweni ezaziwa ngama suburbs, ngoba nakhona baningi asebashintshele kugesi wekhadi. Lo gesi wekhadi usiza ngoba uwena muntu okwaziyo ukuzikalela imali ofuna ukuyikhokha ngogesi wakho.
Sithanda ukugqugquzela leyo miphakathi elethelwa ngqo ugesi ngu-Eskomi ezindlini zawo njengezindawo zaseSoweto nezinye izindawe eNingimu Afrika ziyokhokhela ugesi wazo futhi bayoxoxisana no-Eskom ngohlelo olungenziwa lokukhokhelwa kwezikweletu zabo kancane kancane, ngoba thina singuKhongolose siyazwelana nabantu bakithi. Njengoba abanye babantu bengakhokheli ugesi futhi bengayi nokuyocela ukuthi bakhokhele izikweletu zabo kancancane bavimbela eminye imiphakathi engakafakelwa ugesi ukuthi iwuthole nayo ngoba ayikho imali engenayo, iyaphuma kuphela ngokuphakwa kukagesi njengoba beqhubeka nokusebenzisa ugesi ongakhokhelwe.
Nalabo abaphakelwa ugesi ngoMasipala futhi okuyibo abaqoqa imali kagesi egameni lika Eskom, okanye bewuthenga ku-Eskom ngqo, sithi oMasipala mabakhokhele izikweletu zabo ngokunjalo kanti nathi esiwusebenzisayo esisezindaweni zoMasipala sikhokhe ukuze oMasipala baqhubeke nokusilethela,futhi kufakelwe nabanye abasalindile.
Osomabhizinisi nabahlali ikakhulukazi abahlala emahostela nabo siyabacela basukumele phezulu bayokhokha, abanye
babo abenza imisebenzi yokushisela, abanye badayisa iziphuzo ezibandayo, kepha abawukhokheli ugesi abawusebenzisayo. Njengoba benza inzuzo ngamabhizinisi wabo,nenkampani kahulumeni iyadinga ukwenza imali ngogesi abawusebenzisayo.
Lokhu sikusho sikubhekise kuwona wonke amabhizinisi amakhulu namancane. Kukhona abaningi abaxhume ugesi ngokungemthetho, phecelezi izinyoka- nyoka,nakubona ngokunjalo sithi mabakuyeke lokho ngoba kunguntsontsha ugesi futhi kuyicala elifanele ukuboshelwa.
Lokhu kuphinde kube ingozi ezimpilweni zabantu, sibonile abantu abancane nabadala bebulawa ukushokwa izintambo zikagesi ezifakwe ngokungemthetho, futhi zishise imizi yabantu nempahla yabo. Okukhulu kakhulu futhi kuqede namandla okuphehlwa kukagesi kumaTransmissions ngoba asuke esephampa ngokungaphezulu komthamo ayekhelwe kona. Asiphindde sikubalule ukuthi ezokuphepha nokuvikeleka kubalulekile ezimpilweni zethu.
Yikona konke lokhu okwenza ukuthi u-Eskom asicimele ugesi izikhathi ngezikhathi [load shedding], okuyimisebenzi
yezinyoka-nyoka yokungakhokheli ukuxhunywa kanye nokuphakwa kukagesi ongakhokholwe, ngaleyo ndlela bawisa le nkampani kahulumeni u-Eskom ngokwenza njalo ngoba ukunakekelwa kwa kwama-Transmissions kudinga imali, yona kanye le okufanele ngabe bayayikhokha. Nangaphezu kwalokho futhi ivimbela ukwakhiwa kweziteshi zikagesi ezintsha ezingaphakela ezinye izindawo. Sonke masibike ngezenzo ezimbi zokuntshontshwa kukagesi, futhi sisukume sonke sibabaze sikhuze lo mhlola omubi kangaka.
Siyavuma ukuthi zikhona ezinye izizathu ezibe ngumthelela walesisimo esibhekene naso njenge nkohlakalo kanye nokungenzi kahle ngendlela ekwakhiweni ngayo kweziteshi zikagesi i-Medupi kanye ne-Kusile. Bakhona ozakwethu abasazokhuluma ngalokhu, kepha sithi kubantu bakithi sisazibophezele njenge-ANC njengoba sasenzile kusukela ngo 1994 sifakela abantu bakithi ugesi ababengenawo ngesikhathi sobandlululo.
Sithi phansi ngokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho, sithi nje phansi ngezinyoka-nyoka phansi; sithi phambili ngokukhokhela ugesi phambili. Asikhokhele ugesi, siyabonga.
USekela Somlomo: Sesiphelile isikhathi sakho lunga elihloniphekile, mamela libomvu le liwashi angithi uyalibona sisi, lithi sekumele usuke manje lapho.