Lungu elihloniphekile Mnguni kufuneka ucabange into eyodwa. Uyabona asifani, mina ngaba emzabalazweni ngiyayazi into engangiyilwela. Mhlawumbe wena ungomunye walaba abadingiswa awulwazi usizi esalulwelayo. [Ubuwelewele.] Ngakho ke ayikho into ebuhlungu ukubona abantu bakithi behlupheka ekubeni sasilwa sithi silwela bona. Musani ukwenza into enaniyenza kuMongameli wenu uZuma, nanishabasheka nenza yona lento. [Ubuwelewele.] Ethi enza amaphutha nimvune. [Ubuwelewele.] Enze amaphutha nimvune. Yini inkinga yenu? Anikwazi ukucabangela abantu nicabangela kuphela ukuthi akuvotwe ukuze nithole amavoti abantu.