Sihlalo ngithi angibonge ithuba lokuthi ngime lapha. Yebo, ngangiyingxenye yokuya eNetherlands siyobheka ukuthi bona benzenjani ukucwenga amanzi abo ezweni labo ukuze abantu bangahlupheki. Ngesikhathi sihamba siya laphaya lapha eKapa kwakunenkinga enkulu yokushoda kwamanzi. Lapho i-DA yayishabasheka ihlangana nezinkontileka zangaphandle ekungabangani bayo. UNgqongqoshe uNomvula Mokonyane kanjalo la eNingizimu Afrika edle waziqeda zonke izimali nalobo Ben 10 bakhe. [Ubuwelewele.] Into eyenzekile la eNingizimu Afrika ziphelelwe ngamanzi ... [Ubuwelewele.]