Manje yizona zonke lezi zinto abantu bakithi okumele bazazi ngezifundazwe zale lizwe, sibacele abantu bakithi ukuthi makungabi ngabantu baseGoli kuphela abalokhu bayobhukuda olwandle lwaseThekwini, nathi akesisuke siye eGoli siyobona ezinto ezinhle zakhona, kanjalo nasezindaweni ezifana noMpumakoloni, Limpopo, oMpumalanga, oNyakathokoloni silibone izwe lakithi ukuthi lihle kangakanani, futhi umnotho sizakhele thina ngokwethu, umnotho ushintshe izandla zethu. Siyabonga futhi siyaweseka umbiko weKomiti Lezokuvasha. [Ubuwelewele.]