Ngiyabonga Sekela Somlomo, kunodaba lana mhlonishwa olumayelana nalaba abadayisa emgaqweni, ngaphambi kokuthi badayise kuye kumele babe nezimvume zokudayisa ezitholakala komasipala kuphela. Uthola ukuthi noma sebezifakile lezo izicelo zabo noma amalayisensi ukuze bakwazi ukudayisa kodwa kunokubambezeleka okuwundendende nje kuhle kokufa kwekati ngasohlngothini lukaMasipala ukukhupha lama layisensi.
Ngenkathi besalinde lokho uma kuqhamuka amaphoyisa kaMasipala babaleka kuchitheke impahla zabo zokudayisa kodwa inkinga ibe ikuye umasipala ngokungakhiphi