ngoba imithetho singayishaya kepha uma singaxoxisani, iqiniso nje ukuthi konke lokhu kumayelana namandla nokulawula kungakho nje emisebenzini abanye abaphathi emuva kokunikezela ngocansi umsebenzi ukhokhelwa ngokunikwa isikhundla, nothisha ngokunizela ngocansi umfundi ukhokhelwa ngamamaki, nakwezinye izindawo abantu besifazane emuva kokunizela ngocansi bakhokhelwa ngokuthile. kungenxa yokuthi asigxili ezintweni eziyiqiniso ezenza kube khona udlame futhi lungalawuleki, lubhebhetheke nsuku zonke.