eNdlini benza imithetho. [Ihlombe.] Futhi okubonakala kuyibona abakhuluma kakhulu lapha. Abesifazane bagcina bethembela esondlweni sabantwana abasinikwa nguhulumeni, naso esinganele kulesikhathi lapho intengo yokudla yedla yenyuka zonke izinsuku. Ngakho Ngqongqoshe ngabe uMnyango Wezomthetho uyasebenzisana nawo ukusiza izinkatolo zemindeni asiza abantu besifazane? [Ihlombe.]