ZENDABUKO: Ngiyabonga Sekela Somlomo. Ukuthatha lolu daba lubekwe ezithebeni zekomiti eliholwa nguMengameli elihlanganisa izifundazwe, iminyango ehlukene kanye nomasipala. Ngibona sengathi kuyigxathu elisha lokubeka lolu daba phambi kwezandla noma phambi kwamehlo azokwazi ukuthi aqinisekise ukuthi omasipala bayakhokhelwa. Ngaleyo ndlela ngibona ukuthi kufanele senze isiqiniseko sokuthi, njalo uma uhlangene lo mhlangano oholwa nguMengameli kubekwe umbiko ochazayo ukuthi kusukela kwagcinwa ukuxoxa sekuhanjwe kwafikwaphi, ukuze uma esephendula uMengameli ezingxoxweni zakhe noNgqongqoshe kuhlinzekwe ngethuba lokuthi kuyobhekwa emuva ukuthi, ngabe iyini imbangela yokuthi kungabikhona inqubekela phambili ekukhokhelweni kwezikweleti zomasipala. Ngiyabonga.