nje zezomthetho mhlawumbe uma kuhlukunyezwe abesifazane nezingane bazohamba ibanga elide. Amakhosi mhlawumbe amathathu noma amane ahlanganyele isibhedlela esikude esisedolobheni ngale ngaphezu komgwaqo nokunye. Yilezi zinto-ke ezibonakala ukuthi ziwawakhubaza kwezentuthuko. Mhlawumbe uHulumeni uzibophezele kangakanani ngokuphuthuma ukulungisa lezi zinto okubonakalayo ukuthi ziyawakhubaza amakhosi. Singasakhulumi nje ngama-TVET colleges izinto ezingekho nhlobo nezinye futhi. Ngiyathokoza Somlomo.