Ngakhoke Inkosi u-Nonkonyane wayekhona uma ngithi kufanele ukuthi aqhubeke nalo msebenzi. Uyazi ukuthi uzoqhubeka nawo aze awuqede lo msebenzi. Ngakhoke mina ngibona ukuthi lo msebenzi ngeke uthathe isikhathi eside. Empeleni ngibona ngathi ngeke uthathe naneminyaka emibili ungakapheli ngoba kuzofanele ukuthi bahambe mhlawumbe baye kwezinye izindawo bayobona ukuthi amanye amazwe bayisebenze kanjani lendaba. Angeke baya kuwowonke lomhlaba bazokhetha nje ukuthi bazoya kuphi nakuphi bese bayabuya-ke basenzele umbiko wabo bese sizowuveza lowombiko ukuthi sikwazi ukuthi siqhubekele phambili. ngakhoke ngiyathemba ukuthi kuzokwenzeka ngesikhathi esifushane. Ngiyabonga.