Sibonile ke siwuhulumeni ukuthi ukhona umhlaba omningi onglinywa futhi indlela uhulumeni eseka ngayo abalimi abasafufusa, akuyona indlela ehlangene. Abalimi abalutholi usizo olufanele kuhulumeni. Okunye futhi bathi bangalutho usizo bahambe bahambe bafike phambili luphele usizo kuphele ukulima. Manje ke sifuna ukuthi silethe usizo oluzobona umuntu uqala ukulima ethuthuka aze afinyelele ezingeni lokuthi sesingamfanisa nalaba abangabalimi bezohwebo. Kusho ukuthi angazimela.