Isakhiwo saseBonn kufanele ngabe kudala sathengiswa ukuze kulungiswe esaseBerlin. Ngicabanga ukuthi uhulumeni uhlulekile ubhekana nalesi simo ngendlela, ikakhukazi uMnyango Wazengaphandle awukwazanga ukuthi ubhekelele lesi simo, ngoba akukwazi ukuthi isakhiwo esihle njengalesiyana sicekeleke phansi ngangokuba nozosithenga angeke esakhokha imali ebonakalayo. Ngaleyo ndlela uhulumeni kaKhongolose kulesi simo uhlulekile ukusebenza. ngiyabonga