wekomidi lezamaBhizinisi Amancane ubaba wakhe uBab'uBhengu wagwetshwa intambo evikela umhlaba wakubo kaNgcolosi nabantwana bakhe, kumlungu owayehlukumeza amadoda endawo ewasika ubuntu bawo ukuze athathe umhlaba wawo. Amaqhawe lawa angakaze kwaculwa ngawo futhi kukhulunywe ngawo kodwa afa evikela isithunzi somuntu omnyama ukuthi yena nomndeni wakhe babe nomhlaba. [Ubuwelewele.] Angiqondisisi uma kuzoba nomuntu omnyama ozophikisana nokuthi sikhulume indaba yokubuyiswa komhlaba. Siyawufuna ngenkani. IsiNgisi noma kungenasiNgisi siyawufuna. Ngiyabonga [Ihlombe.]