Mshengu ngiyabonga ngempendulo onginikeza yona, kodwa ngicabanga ukuthi uzovumelana nami uma ngithi ezinye zezisombululo noma izixazululo ozinikezayo, yizixazululo sesikhathi eside. Into engikhathazayo kakhulu ukuthi abantu baseNingizimu Afrika ikakhulukazi intsha ibukene nokusweleka kwemisebenzi. Esizokudinga izixazululo ezisheshayo ezingaveza amathuba emisebenzi njengamanje. Ngicela ukwazi Sekela Mongameli ukuthi kungabe ihhovisi lakho nohulumeni banazo yini izixazululo eziphuthumayo ezingashesha zidale amathuba emisebenzi? Nokuthi uma esekhona amathuba emisebenzi senza kanjani ukuthi kube ngabantu baseNingizimu Afrika abazuza kuqala kulawo mathuba kunokuba kuzuze abantu abaqhamuka kwamanye amazwe? Ngiyabonga.