Sihlalo weNdlu, mhlonishwa, siyasithokozela isamba osithulayo sabantu abahlomulile
kwezokuthuthukiswa kwezolimo. Umangabe umuntu elandela engaphandle, mhlonishwa Sekela Ngqongqoshe, akusibona bonke abaphumelelayo ngenxa yezintselela ezithile abahlangabezana nazo.
Mhlawumbe-ke kulesi sisamba osinikezile, enanini lalabo abahlomulile kuso, bangaki phakathi kwabo abathe basebenza ngempumelelo bangene emkhakheni wezolimo bakhiqiza ngempumelelo? Bangaki ababo abadodobale endleleni ukuya phambili? Futhi yini umnyango oyihlelayo ukuya phambili ukubalekelela ukuthi-ke ekudodabaleni kwabo basuke baye phambili nabo? Ngiyathokoza.
IsiXhosa: