Ezinye zezinto esizenzayo ukuthi sibheke ukuthi ingabe amanzi ikakhulukazi emithonjeni siwavikela kanjani siwagcine. Sibheke futhi nanokuthi yiziphi izitshalo ezifanele nalesi simo esikuso. Ngamanye amazwi kusho ukuthi ukuhlengahlengiswa kokulima sekuzofuneka sibheka ukushintsha kwesimo sezulu okuzokwenza kube nokushintsha kwezindawo nezinto esingazitshala kulezo zindawo. Ngingenza nje umzekelo ukuthi uma sibheka namhlanje ikakhulukazi la endaweni yaseNtshonalanga Kapa ezinye zezitshalo ezifana namagilebhisi ngokuya ngokuhamba kwesikhathi zingabe zingasamili ngendlela ebesiyijwayele ngaphandle kokuba senze ubuchwepheshe nobuncwaningo obuzothi singalungisa kanjani izinhlobo ezizokwenza ukuthi bakwazi kutshala lezo zitshalo.