Laba esikhuluma ngabo yilo obekade engumholi we-DA Kwazulu-Natal u-Comrade uMacingwane okuwuyena osejoyine u-ANC, uSizwe. [Ihlombe.] Abanye babo amakhansela o- Claudelle Chetty-Naidoo, u-Renesha Jugmohan no- Nalene Naidoo- Atwaru. Siphinde sahlomula nomunye osuka kwi-NFP lapho sithathe khona obewusekela sihlalo wesifundazwe, wabuyela ngala kuKhongolose ebona ukuthi yinhlangano edingakalayo, sikhuluma ngoNjabulo Mlaba osekwi-ANC. Ezikhulumela ngokwakhe u-Comrade uSizwe Mchunu uthe ... [Kwaphela isikhathi.] Siyabonga. Sithi abantu mabajoyine uKhongolose baqhubeke ngoba uKhongolose ozobuyisa amandla.