Sekela Somlomo, okokuqala nje ukuthi uNgqongqoshe uphendule kahle kakhulu kulokhu esinenkinga ngakho mayelana neminyango kahulumeni eyahlukene ehluleka ukukhokhela izikweletu zayo ikakhulukazi enazo komasipala.
Okunye ke Ngqongqoshe engicela ukubuza ngakho ukuthi le nkinga lena isithathe iminyaka eminingi kangaka ingaxazululeki, ingabe kukhona yini okusha okucabangayo noma izindlela ezintsha ozicabangayo ezingasisiza ukuxazulula le nkinga, ngoba ayiqali manje lenkinga, isinesikhathi eside ikhona? Kanjalo futhi nemizamo osuyenzile siyayikhuthaza, futhi yebo mihle, kodwa ke yize kunjalo abantu bayaqhubeka nokungakhokhi, phezu kwemizamo yonke oyenzayo. Yikuphi okunye ozamayo ukukwenza? [Ubuwelewele.]
IsiZulu: