Somlomo, ukubulawa komuntu wesifazane ikakhulukazi ewuthishomkhulu wesikole ngaphakathi emagcekeni esikole kuyihlazo elingeke lavunyelwa ukuba khona eNingizimu Afrika.
Ngakho -ke ukusebenza kwamaphoyisa nabantu abakhe eceleni kwesikole kufuneka benze isiqiniseko sokuthi ziyaboshwa izigebengu, imigulukudu,izigelekeqe ukuze zikwazi ukudonsa ejele ngokuthi zibulale umuntu wesifazane esemsebenzini.
Okwesibili ukuthi kwenzeke lokhu kabi, kuyinyanga yabantu besifazane lapho abantu besifazane kufuneka baziqhayise khona. Okubuhlungu ke wukuthi mhlawumbe kwenziwe abantu besilisa okuyingozi enkulu ngoba kukhombisa ukuthi labo bantu abakwazi ukukhusela imphefumulo yabanye abantu. Abantu abafanele ukuvalelwa banganikwa nephalishi ekuseni, emini nantambama. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu member's statement follows.)
[Mr V B NDLOVU (IFP): Speaker, the murder of a woman, especially a school principal, on school premises is a disgrace that cannot be allowed in South Africa.
The police and the people in the area of that school must make sure that these murderers, thugs and criminals are arrested, so that they can start serving their sentence for murdering a woman at work.
Secondly, the timing was bad, as it happened during Women's Month, when women are supposed to be proud of their achievements. The most painful thing is the possibility that this murder was committed by men. This is very dangerous, because it shows that these people are not able to protect other people's lives. These people deserve to be locked up and not to be given porridge in the morning, during the course of the day or at night. Thank you.]