Somlomo, umasipala waseTheku ophethwe uKhongolose wakha izindlu ngesikhulu isivinini. Lezi zindlu zibhekelele bonke abantu. Ngikhuluma nje kunezindlu e-Westville, e-Chatsworth, e-Newlands naKwaMashu ezihlala abantu bazo zonke izinhlanga, kanjalo futhi naboMkhonto Wesizwe Veterans Association, MKVA, banikezwe ithuba lokuthi babe nezindlu lapha kulezi zindawo. Lokhu futhi kunikeza ithuba lokuthi abantu baphile ndawo ngokubambisana.
E-Lamontville uMnyango Wezindlu ukhiphe izigizi ezinga-250 ezigidi ukuze kwakhiwe izindlu khona kuzophela imijondolo nokulungisa izitezi kanjalo nokunikezela izindlu kubanikazi bazo. Ezinqoleni, e-Lower South Coast, imindeni eminingi yakhelwe izindlu kungakhatheleli noma ngabe banemizi kangakanani, ungaba mkhulu noma ube mncane, kodwa umuzi nomuzi wakhelwe indlu kangangokuba abanye abantu bayaqala bathi nabo sebenzezindlu eziyizikwele. Siyamncoma-ke uKhongolose ngaleso senzo. Ngiyabonga. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu member's statement follows.)
[Mr N W NGCOBO (ANC): Madam Speaker, the eThekwini Municipality which is led by the African National Congress is building houses at a very fast rate. These houses are for everybody. As I speak, there are houses in Westville, Chatsworth, Newlands and KwaMashu, which are built for different racial groups, as well as members of the uMkhonto weSizwe Veterans Association who have also been afforded the opportunity to own houses in these areas. This will also make people from different racial groups to live together in harmony.
In Lamontville, the Department of Housing has allocated about R250 million for the building of houses in order to do away with the squatter camps and also to renovate the double storeys, as well as give people ownership of their houses. In Ezinqoleni on the Lower South Coast, houses have also been built for many families regardless of the number of housing units that they have on their homestead and, regardless of whether those units are big or small, a house was built for every homestead in the area. And some people have also boastingly mentioned that they too, now, own square-shaped houses. We thank the ANC for this great deed. I thank you. [Applause.]]