Ngiyabonga Phini likaSomlomo. Ingqungquthela yomhlaba wonke yentsha ebibanjelwe laphaya eThekwini eNkosi Albert Luthuli, isiqubulo sayo ebesithi, "Intsha Nabancane Bangakwazi Ukuvikela Nokwenza Izwe Libe Ngcono". Kule ngqungquthela-ke kuye kwabonakala ukuthi ezemidlalo zingakwenza ukuthi abantu abancane bangazimbandakanyi nezinto ezenza ubugebengu futhi benze izinto ezingenza ukuthi babonakale bengabantu abaphilayo nabangenza umehluko ezweni.
Indlala kanye namasiko ahlukahlukene nomnotho ontengantengayo nemindeni enhlakanhlaka kutholakale ukuthi kunegalelo lokuthi abantwana abatholakala bezimbandakanya nobugebengu bavela ezindaweni ezisuke zinjalo. UKhongolose uyakholelwa ekutheni uma singase sigqugquzele intsha yethu ukuthi izimbandakanye nezemidlalo, lokho kungenza ukuthi intsha yonke esinayo ibe umthelela omuhle ezweni futhi ibe nempilo engcono, kwakheke namathuba emisebenzi bese kwakheka nesizwe imbala.
Kusho ukuthi kuzo zonke lezi zinto esengizishilo ngasenhla, kucelwa ukuthi imiphakathi yonke ibambisane kule nyanga yentsha ukugqugquzela intsha ukuthi izimbandakanye kwezemidlalo ngoba kuyabonakala ukuthi uma kungenzeka njalo intsha ingatholakala ukuthi yakhe isizwe esihloniphekile. Ngiyabonga Somlomo [Ihlombe.] (Translation of isiZulu member's statement follows.)
[Mr M J NENE (ANC): Thank you, Madam Deputy Speaker. A major international youth summit on crime, with the topic, "Youth and children championing community safety for a better world", was held in Durban at the iNkosi Albert Luthuli International Convention Centre. The speakers at this convention showed that sport can lead to young people staying away from criminal activities and also being seen as good people who can make a difference.
It was also found that factors such as hunger, cultural diversity, unstable economy and broken family structures, contribute to the involvement of these youth in criminal activities. The African National Congress believes that if we can encourage our youth to take part in sport, that would result in them having a positive influence and leading a better life. And this would also create job opportunities and, thereby, contribute towards nation building.
Based on all the things that I have mentioned above, communities are requested to work together during this youth month to encourage the youth to take part in sport because it is evident that if that can happen, youth can be able to build a respectable nation. Thank you Madam Speaker. [Applause.]]