Bese ngiphinda ngithi iNtshonalanga Kapa njengoba izincoma kangaka nje, izovala i-GF Jooste Hospital njengoba ibikade izimisele ukuvala izikole. INtshonalanga Kapa isebenza ngokuqhathanisa isifundazwe esisodwa nezifundazwe eziyisishagalombili. Ake ngilungise uzakwethu umhlonishwa uKopane othi impilo yabantu ifika ema-56, hhayi dadewethu, kusho ukuthi wawungekho ngesikhathi i-MRC nabakwa-Lancet besitshela ukuthi izinga seliphakeme selingama-60. [Ihlombe.] Ngakho-ke angazi ukuthi lezi zibalo oza nazo uzithathaphi. [Ubuwelewele.]
INtshonalanga Kapa ngesikhathi kuneziteleka ezweni, yona imane yavala eminye imitholampilo e-De Doorns ngoLwezi wezi-2012. Iyivaleleni imitholampilo ngenkathi abantu beyidinga khona kakhulu? Ngonyaka odlule uMvikeli woMphakathi uye wathola into ebucayi kakhulu. Uthole ukuthi esibhedlela saseGugulethu izinto azihambi kahle njengoba bona besho. Lesi sibhedlela singcolile, izisebenzi ziyaziphuzela nje. Kodwa-ke ... (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Let me come back to these colleagues of mine who were out of line and said what they wanted to. I don't know where they got all this, but let me point out all this. To Hon Kganare - oh! Is he gone? Nonetheless, I would like to say that the ANC is more sensitive to the needs of the people, so where does Cope stand as far as people are concerned?
HON MEMBERS: They are in court.