Manzankosi. Ngiyabonga Bab'uNdlovu. UManzankosi. Ngimhalalisela ngenkulumo yakhe ayenza kule Ndlu okokuqala njengoNgqongqoshe obhekene nezokuHlunyeleliswa kweziMilo. Ngiphinde ngihalalisele umnyango ngaphansi kobuholi bukaMnu Tom Miyane, ngomsebenzi omuhle abaqhubeka nokuwenza ebantwini baseNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukuthi bahlale bezizwa bephephile.
Kulo mnyango selokhu kwafika uNgqongqoshe sibone inqubekela phambili enkulu emsebenzini omkhulu owenziwe nguNgqongqoshe wangaphambili, umhlonishwa uNosiviwe Mapisa-Nqakula. Phakathi kweminye imisebenzi emihle esiyibonile ngaphansi kukaNgqongqoshe uMnu Ndebele, ukuhlaliswa kwengqungquthela eyayise-Benoni ngoLwezi 2012. Le ngqungquthela yayiwumzamo wokuthola izixazilulo zokugcwala kwezikhungo zokuhlunyeleliswa kwezimilo kanye nokulwa nokuqhubeka kobugebengu.
Ake ngisho ukuthi uKhongolose uthi asizishayele ihlombe lezi zinhlelo esizibona zenziwa nguNgqongqoshe, ukwelekelela ukuhlunyeleliswa kwezimilo. Isibonelo sakamuva, ukuvulwa kwesikhungo sokukhangisa umsebenzi owenziwa ngezandla, phecelezi, i-art gallery, e-Good Hope Prison, khona la eKapa. Lokhu kukhombisa ukuzimisela kukaNgqongqoshe nomnyango wakhe ekuqinisekiseni ukuthi ngempela ekugcineni sizishaya isifuba singuKhongolose ngalokhu esikuzuzile ekwakheni isizwe. [Ihlombe.]
Siyazi ukuthi iNingizimu Afrika iphakathi kwamazwe azineziboshwa eziningi emhlabeni. Ekupheleni kukaMandulo kwabika ukuthi izikhungo zokuhlunyeleliswa kwezimilo zidlulele ngama-25%. Lokho-ke kukhombisa ukuthi asinayo indawo eyanele yokugcina iziboshwa esisaqhubeka namanje ukuzithumela emajele.
Njengoba ngangishilo enkuluwmeni yami efana nalena edlule, ngasho ukuthi ukukhishwa ejele ngokuphulelwa isigwebo [parole] kanye nohlelo lokubuyiselwa kweziboshwa emphakathini kuyisihloko esiseduze nenhliziyo yami. Yingalesi sizathu ngithi uNgqongqoshe wezokuhlunyeleliswa kwezimilo kumele, phakathi kwezinye izinto, alungise lesi simo sokugcwala kwezikhungo zokuhlunyeleliswa kwezimilo. Lokho angakwenza ngokufaka kakhulu izinsizakusebenza ezinhlelweni zomphakathi zokuhlunyeleliswa kwezimilo, phecelezi, i-community correction.
Ngithanda ukumema namakhosi. Ngiwabonile abekhona kuleli sonto elidlule kodwa angizwanga ukuthi wona azobamba liphi iqhaza ukulwa nalobu bugebengu ezindaweni zawo. Ngithanda ukuthi amakhosi kumele asisize kulawa macala amancane, phecelezi, minor cases.
Niyazi ukuthi amacala anjalo aqulwa kanjani ngesintu. Mhlawumbe nalokho kuzosiza ukuthi amajele ethu angagcwali kakhulu. Lokhu ngokunye kwezinto ezingaletha ukwethemba amajaji ekunikezeni izigwebo ezingadingi ukuthi umuntu ogwetshiwe aze abhadla ejele. Sisho kanje sifakazela umbono owenziwa iNgqungquthela yaBantu eKliptown ngowe-1955, phecelezi 1955 Kliptown Congress of the People - kodwa hhayi i-Cope ela eNdlini - eyathi kusoMqulu weNkululeko, "sonke siyolingana ngaphambi komthetho." Ukufakazela lokhu yaphinde yathi:
Abantu bayoboshelwa amacala abucayi kanti futhi lokhu kuyokwenzelwa ukulungiswa kwezimilo, hhayi ukuziphindiselela okungenasidingo.
Isibonelo esiphilayo, ohlelweni lapho ababeyiziboshwa bazinikela ekulungiseni, bependa isikhungo eSoweto, eJabulani, endaweni ebizwa ngokuthi i-Pace College, njengoba kwakulungiselelwa imizuzu engama-67 yakaBaba uMadiba. Sibabonile-ke laphaya eJabulani begawula izihlahla, belungisa izingadi, belungisa ihholo, bezama ukunxephezela umphakathi njengoba babewonele ngaphambilini.
Njengoba nje sixoxa lolu daba lokwabiwa kwezimali zomnyango, kumele sisho ukuthi kumele kufakwe izimali kulolu hlelo ukuze sishintshe lesi simo sokugcwala kwezikhungo. Ake ngigqugquzele umnyango ukuthi uqhubeke nemizamo yawo yokwenza imigomo emihle kahulumeni oholwa umbutho wesizwe, uKhongolose, ukuqinisekisa ukuthi abantu bakithi baphephile futhi bazizwa bephephile.
Isigaba 12 soHlelo lukaZwelonke lweNtuthuko, phecelezi, National Development Plan, NDP, sikhuluma ngokwakhiwa kwemiphakathi ephephile. I-NDP ilokhu iqhubezela phambili umsebenzi omkhulu wombutho wesizwe woshintsho olukhululekile lwesizwe, phecelezi, national democratic revolution. Ngokwalolu hlelo umbono wezi-2030 wokwakha imiphakathi ephephile yilowo othi:
Abantu abahlala kuleli zwe kumele bazizwe bephephile emakhaya, ezikoleni kanye nasemisebenzini yabo. Kumele baphile emiphakathini engenakho ukwesaba. Abesimame kumele bakwazi ukuhamba bekhululekile emgaqweni. Izingane zidlale ngokukhululeka. Lokhu kufakazela umbono woMqulo weNkululeko owathi, "Kuyoba nokuthula nobungani." I-NDP iphinde ithi:
Izinhlangano ezisemiphakathini kumele ziqeqeshelwe uhlelo lokwamukelwa kweziboshwa emiphakathini, ngisho ama-NGO. Lezi zinhlangano kumele zihlonzwe ukuze zithole usizo kwezezimali.
Ngizothanda futhi ukuthi umnyango kumele uqhubeke nomsebenzi wawo nezinhlangano ezizimele zemiphakathi ekwakheni nokuqapha lokhu esikubiza ngama-halfway-house, ukwelekelela labo abadedelwe emajele ngokuphulelwa isigwebo kanye nokubuyiselwa ngendlela emiphakathini. Silubonile lolu hlelo lwama-halfway houses uma lwakhiwa eGoli, esifundazweni sase-Gauteng ngowezi- 2012. Luqhubeka kahle. Yilokhu obekulokhu kushiwo ngumbutho kaKhongolose ukuthi, "uma sisebenzisana sonke, singenza okuningi."
Enkulumweni yami edlule efana nalena, ngabalula ukuthi izisulu zobugebengu zibaluleke kakhulu ekuphathweni kobulungiswa kuleli zwe laseNingizimu Afrika. Ngiyajabula kakhulu ukuthi sibonile kwandiswa inani lezisulu zobugebengu ekulalelelweni kwezicelo zokuphulelwa isigwebo.
Umnyango kumele ushayelwe ihlombe ngalokhu. Kumele sibalule ukuthi ngonyakamali wezi-2010-11 kwabikwa ukuthi zaba ngama-263 izisulu zobugebengu ezathinteka ekulalelweni kwezicelo zokuphulelwa isigwebo. Sibone ukukhula okukhulu ngonyakamali wezi-2011-12 ngabantu abangama-684.
Ngithanda ukusho ukuthi kusuka ngonyaka we-1994 kuphethe uKhongolose, kunomehluko omkhulu njengoba sibona ukuthi amabhodi okulalela ukudedelwa ngokwaphulelwa isigwebo asebenza ngokukhulu ukuzimisela. Konke lokhu kwakungekho ngezikhathi zethu.
Ngonyakamali wezi-2011-12 umnyango ubike kuphela amacala ayi-15 anikezelwe eBhodini yokuBuyekezwa kokuPhulelwa isiGwebo. Yilokhu umbutho kaKhongolose okhuluma ngakho uma ukhuluma ngezinsika zezobulungiswa ezisebenza ngokuzimisela.
Sihlalo, ngaphambi kokuthi ngiphethe, ngithanda ukusho ukuthi ngiyamangala uma amalungu akhulume ngaphambi kwami, njengo Bab'uNdlovu ethi akazi ukuthi ukuphulelwa isigwebo kutholwa ngabantu abanjani. Ehhe, Bab'uNdlovu wazi kahle ngoba uza njalo futhi uyingxenye yekomidi. Angifuni ukumosa isikhathi sami lapha ngawe ngoba uyazi ukuthi ngumuntu onjani okumele athole iparoli futhi loyo muntu uyithola uma kunjani.
Umuntu akasimze aboshwe nje bese anikezwe iparoli. Kunezinqubo ezilandelwayo kanye nezinhlelo umuntu azihambayo ngaphakathi. Lezo zinhlelo yizo ezenza ukuthi kubonakale ukuthi umuntu ukulungele ukudedelwa ngokuphulelwa isigwebo. Yingakho ngithi kubalulekile ukuthi abantu abadedelwe ngeparoli umphakathi kanye nezihlobo zabo zibamukele ukuze bangabe besabuyela emuva ngoba phela sezilungisiwe izimilo zabo. [Kwaphela isikhathi.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[I would like to dedicate this speech to my granddaughter, Khanyisile, who was born in 1994. She will be voting for the first time next year. Please stand up, Khanyisile. [Applause.]
Let me take this opportunity to congratulate uMzankosi - to those who do not know, that is his clan name - on the speech he delivered to this House. First ...