Somlomo, mhlonishwa Nyambose, kwengikade ngifuna ukukusho, okuningi kwakho ukuchazile kodwa ngifuna ukuthi ngigcizelele la odabeni lwabafelwa nabafelokazi. Umthetho kufuneka uqine ikakhulukazi kulaba ababulala amaphoyisa ngoba lo mkhuba uchaza ukudelela umthetho, kukhomba futhi ukudelela nokungawuhloniphi uMthethosikelo wezwe.
Ngakho-ke mhlonishwa, mina ngicela ukuthi kunoma ngoluphi udaba la kufe khona iphoyisa, abameli abamele umnyango noma umndeni baqinise ijoka ukuze lowo muntu obulale iphoyisa athole isigwebo esikhulu. Ngaphandle-ke uma lelo phoyisa kuyilo eligangile, kodwa uma life lifela emsebenzini, lapho makugcizelelwe ukuthi akufanele kudlalelwe emthethweni ngoba ukubulala iphoyisa kungukuchukuluza uMthethosisekelo.
UNGQONGQOSHE WEZAMAPHOYISA: Siyabonga kakhulu Boya benyathi; siyavumelana kakhulu nawe kulokhu okushoyo. Umphakathi kufanele ukhunjuzwe ukuthi uma kubulawa amaphoyisa kuchaza ukuthi wona njengomphakathi awuzukuvikeleka. Ngakho-ke kuwumsebenzi wethu sonke ukuthi silwisane nale nto. Siyazibonga futhi neziyalo zakho ozibekayo ikakhulukazi kwezomthetho mayelana nokuthi zenziwe njani lezo zigilamkhuba ezibulala amaphoyisa uma sezibanjiwe. Siyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Speaker, hon Nyambose [clan name], you have explained most of what I wanted to say myself, but I want to put a special emphasis on the support given to the bereaved spouses of police members. The law must be strictly applied to all those that murder members of the police, because what they do indicates their complete disregard for it and the Constitution of the country.
Therefore, sir, my request is that in police murder cases, lawyers representing the department or those representing the bereaved families must ensure that the accused are given heavy sentences, unless of course the police members murdered were the ones at fault. If a policeman dies on duty, it should be emphasised that the law must be strictly applied and the accused should be made aware that murdering a policeman or a policewoman is regarded as open defiance of the Constitution.