Somlomo, i-ANC incoma ukhetho lokuchibiyela lwamawadi amathathu KwaNongoma oluhambe ngokukhulu ukuthula. Sibone abalandeli bamaqembu ehlukene bekhankasa ngomoya woxolo nokubambisana. Umzabalazo wokuthula we-ANC endaweni yaKwaNongoma ubonakala uthela izithelo.
Amakhansela amathathu ayemele iqembu leNkatha emkhandlwini kamasipala wakaNongoma anquma ukujoyina iqembu le-ANC athi: Yilona qembu lodwa elikwazi ukuletha intuthuko kubantu nasezindaweni zasemakhaya. [Ihlombe.] Njengamanje ugesi uyafakwa endaweni yonke yakwaNongoma; izinkontileka zimba imisele zifaka amanzi emakhaya; futhi imigwaqo engena emphakathini yasemakhaya iyakhiwa.
Lolu khetho lube yingqophamlando lapho abantu bakwaNongoma sibabone bevota ngokukhululeka bengenako ukwesatshiswa. Kuqopheke umlando lapho i-ANC iphumelela ngamalengiso ewadini lesihlanu. Sathola ikhansela lokuqala lewadi emkhandlwini wakwaNongoma. Lokhu kusho ukukhula kwe-ANC ingena nasezindaweni ebekuthiwa zingo-alubhadwa. (Translation of isiZulu member's statement follows.)
[Prince B Z ZULU (ANC): Speaker, the ANC is pleased that the by-elections for three wards at Nongoma were conducted peacefully. We witnessed supporters of three different parties campaigning peacefully and co- operating with one other. Attempts of the ANC to establish peace at Nongoma are bearing fruit.
Three IFP councillors in the Nongoma Municipality decided to join the ANC. They said, "This is the only party that brings development to rural communities." [Applause.] Electricity is being installed at Nongoma; contractors are building the infrastructure to supply water to rural communities and access roads to rural communities are being constructed.
This by-election is a historic one, since the residents of Nongoma voted without any intimidation. History was made when the ANC obtained the majority vote in Ward 5. We therefore obtained our first councillor in the Nongoma Municipality. This means that the ANC is growing.]