Okokuqala, siwuKhongolose sizoqinisekisa ukuthi abantu abahlala ezindaweni zasemakhaya, ikakhulukazi emapulazini bazowazi amalungelo abo njengoba kwenzekile kukhona elinye iqembu lezombusazwe ebelicabanga ukuthi abantu basemapulazini angeke bakwazi ukuvotela uKhongolose. Lokhu bakuveze ngokuthi bakhulume nabanikazi bamapulazi ukuthi bangabavuleli amasango ukuze bayovota, kodwa-ke bahlulekile.