Kuyadabula, kuzwisa ubuhlungu ngoba ngempela sonke sikule Ndlu kodwa cishe asizwa ngokufanayo. Ngithatha ukuthi sekuphele iminyaka emihlanu iNingizimu Afrika yathi asizukuhlala nje kulezi zinsuku eziyishumi nesithupha kodwa kufanele sikhankase izinsuku ezingama-365 ubusuku nemini. Manje kuyethusa uma uthola ilungu elihloniphekile lingakakutholi kahle lokho esazoma phambi kwePhalamende ethi sicela kube nezinsuku ezingama-365.