I-DA ngeke ithule isonge izandla imbokodo kanye nezingane behlukumezeka. [Ihlombe.] Sizoqhubeka nokuba yizwi elikhulumela abantu besifazane kanye nezingane. Sizoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi lo hulumeni othatha izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukuthi lesi sihlava siyaphela. Alikho ilizwe elingaphumelela ngaphandle kokuvikela abantu besifazane kanye nezingane njengoba sisho nesiZulu sithi: Inkunzi isematholeni okusho ukuthi ikusasa lisezandleni zentsha. Ngiyabonga. [Ihlombe.]